Lyrics

Kule minyak' engaka ngidlal' ukuhluphek' emhlabeni Kule minyak' engaka ngidlal' usiz' emhlabeni Kant' uNkulunkulu uphambi kwami Uphambi kwami uyangihlolel' emadlelwen' aluhlaza Kule minyak' engaka ngidlal' ukuhluphek' emhlabeni Kule minyak' engaka ngidlal' usiz' emhlabeni Kant' uJehova uphambi kwami, uphambi kwami Uyanginqobela njal' izitha zami Ngazula ngazula ngazula ngamihla le ngifuna lenhlanhl' engaka Kant' ukhon' ongithandayo, kant' ukhon' ongithandayo (Hhaybo!) Mina ngithi ngazula ngazula ngazula ngamihla le ngifuna lenhlanhl' engaka Kant' ukhon' ongithandayo, kant' ukhon' ongithandayo (Hhey!) Hhey uyang'thanda loJesu (uNkulunkulu uyangithanda) Yen' uyang'thanda (bengingazi uyangithanda nami) Ung'thanda noma nginjena (uyang'thanda) oh mina nginjena (Kant' ubathanda bonke abantu) UNkulunkulu uyangithanda (uNkulunkulu uyangithanda) Yen' uyang'thanda (bengingazi uyangithanda nami) Ung'thanda noma nginjena (uyang'thanda) oh mina nginjena (Kant' ubathanda bonke abantu) Kant' uJehova mkhulu kangaka kimi Uyaz' uJehova ubonis' ubukhulu bakhe kimi Ngiyobonga ngithini na? Ngiyobonga ngithini na kuye? Kant' uJehova mkhulu kangaka kimi Uyaz' uJehova ubonis' ubukhulu bakhe kimi Ngiyobonga ngithini na? Ngiyobonga ngithini na kuye? Wangikhiph' eGipite ubaba! (Wangikhiph' eGipite ezweni lobugqila) Wangifak' ekukhanyeni! (Wangifak' ekukhanyeni) Bheka kuyakhanya manje (kuyakhanya manje) ah manje (Kuyakhanya manje) ah manje Wangikhiph' eGipite ubaba! (Wangikhiph' eGipite ezweni lobugqila) Wangifak' ekukhanyeni! (Wangifak' ekukhanyeni) Bheka kuyakhanya manje (kuyakhanya manje) ah manje (Kuyakhanya manje) ah manje Ngiza Kuwe Guqabadela kaSomnganisi Chibi elinomqwazi phezulu Ubizwa yimi uK'lashi lo Induna yeyinsizwa ngoba phela nalapha ayikho Insizwa eshintsha amagiya ingabonisananga nami Umvelase wase bathenjini abasenga inkomo izele Qhudeni ka guda ongawadli amathibane Angadla amathibane ngabe indlala iwile Mnisi wemvula ilanga libalele, Ngoza kaGabadela Ngibonga Kuwe Jehovah ngoku ngihlanganisa nanangu Umlisa okhanya amasi esiswini ophela eduze ngobude Awubheke phela namhlanje ubizwa yimi Somnini nanini Simakade wezulu Wena owakhipha abantwana bakwa Israel Esigodini sasegibhithi wababeka ezweni lesethembiso Umukhulu ke Jehovah wena owabuyisa umfana uLazaru eselusa Amadada wavuka wazidlela amapholisi umfana Ngisho Kuwe Kristu Jesu dwala laphakade Wundlu likaNkulunkulu elisusa izoni zonke Wuwe wedwa umthokozisi wezinhliziyo zethu, umenzi wezimangaliso Wena owathatha amanzi wawaphendula wawenza Iwayini bahlanganisa izandla bakhuza uAmeni bonke abantu Mana njalo Nginguye uNginguye, mlilo oqothulayo, nsimbi edla ezinye Ngabe ngiyaqhubeka manje uSimakade akaqedwa Nazi ney'nsizwa nentokazi la eceleni ithi ifun' uk'shay' ingoma Asambe! UNkulunkulu uyangithanda (uNkulunkulu uyangithanda) Yen' uyang'thanda (bengingazi uyangithanda nami) Ung'thanda noma nginjena (uyang'thanda) oh mina nginjena (Kant' ubathanda bonke abantu) US'makade uyangithanda (uNkulunkulu uyangithanda) Yen' uyang'thanda (bengingazi uyangithanda nami) Yen' ung'thanda noma nginjena (uyang'thanda) oh mina nginjena (Kant' ubathanda bonke abantu) Noma ngine zono zami mina ezinje (uNkulunkulu uyangithanda) Noma nginamacala mina wami enje (bengingazi uyangithanda nami) UNkulunkulu useduze kwami njalo (uyang'thanda) oh njalo (Kant' ubathanda bonke abantu) O noma ngine zono zami mina ezinje (uNkulunkulu uyangithanda) Noma nginamacala mina wami nginje (bengingazi uyangithanda nami) UNkulunkulu eseduze kwami njalo (uyang'thanda) aw'njalo (Kant' ubathanda bonke abantu) Wangikhiph' eGipite ubaba! (Wangikhiph' eGipite ezweni lobugqila) Wangifak' ekukhanyeni! (Wangifak' ekukhanyeni) Bheka kuyakhanya manje (kuyakhanya manje) ah manje (Kuyakhanya manje) ah manje Ubaba! Wangikhiph' eGipite! (Wangikhiph' eGipite ezweni lobugqila) Wangifak' ekukhanyeni! (Wangifak' ekukhanyeni) Bheka kuyakhanya manje (kuyakhanya manje) ah manje (Kuyakhanya manje) ah Nkos' yami Yen' wangikhiph' eGipite ubaba! (Wangikhiph' eGipite ezweni lobugqila) Wangifak' ekukhanyeni! (Wangifak' ekukhanyeni) Ngiyabonga weSimakade (kuyakhanya manje) ah manje (Kuyakhanya manje) ah manje
Writer(s): Lindelani Mkhize, Siyanqoba Mthethwa, Sibusiso Mtshali Lyrics powered by www.musixmatch.com
instagramSharePathic_arrow_out